... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Sonke Isoni Sinekusasa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseKhorinte 12:9 Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.

Uzakwethu uthi kwabe kungu  15 October, 1995, ngamhla engena endlini yesonto ,emva kwesikhathi eside agcina . Uthi kwabe kungumuzwa ongekho ntofo ntofo .

Ngike ngazithela kulamagama online .Angazi ukuthi ngubani owawabhala kodwa anamandla ,ngakho ngicabange ukukucobelela wona : 

Noma bekungathiwa wenza ucansi ungakashadi ,kodwa zidonse yiya enkonzweni. Uma kungukuthi ukinatelwe yizidakamizwa ,ulokhu uzama ukuziyeka kodwa aziyekeki ,kodwa zihudule yiya enkonzweni khona unjalo.Uma kungukuthi ubudakwe uyinhlabathi ebusuku bangayizolo ,kodwa zihudule khona unjalo ugcwele ibhabhalazi, yebo yiya enkonzweni .Uma kungukuthi awuziqondi uyibuphi ubulili ofuna ukuba yibo ,noma kunjalo yiya enkonzweni .Uma kungukuthi uyehluleka ukuyeka lowomkhuba thizeni onyanyisayo ,zidonse uzihudule ,yiya enkonzweni khona unjalo .

ISonto yisibhedlela  sabaphukile,abalahlekile,abazizwa be- empty ngaphakathi,abadidekile,abaxakekile ,nabalahliwe .

Sonke isoni sinekusasa ,wonke ongcwele unesemumva .Siwenqamula kanjani amakitango okukinateleka ezintweni  nawasekugqilazekeni ? Ngomthandazo ,ngokukuthandazela ,nokuthandaza kunye nawe ..

Akekho ngisho oyedwa umuntu ongaphakathi endlini yeSonto ongenayo into eyodwa ayizondayo kwisemumva lakhe ayeyiyo .Sonke siwenzile amaphutha ,futhi sizoqhubeka siwenza ,KODWA umusa kaNkulunkulu wanele.Kunezinto engingeke nganesibindi ukuzisho engaphuma kuzo ,kodwa uNkulunkulu uyazazi.Futhi uyangithanda ,ngisho kunjalo . 

Ngakho noma yini oyenzayo,owayenza ,noma ngabe yini oyenzayo njengamanje ,kodwa khona kunjalo zidonse yiya enkonzweni .Kungenzeka kuvele kuyiguqule impilo yakho ukuya enkonzweni .

Lolusuku u 15  October  1995  ngusuku oluyinqophamlandu empilweni kazakwethu uBerni  azinikela ngalo eNkosini uJesu ngenxa nje yokuthi wangena enkonzweni ,nawe yiya ,ngena enkonzweni.

2 KwabaseKhorinte 12:9 Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.”

Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..