... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Okuncane Okuncane Kakhulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Jeremiya 32:17 “E Nkosi Jehova bheka wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yaKho eyaluliweyo ,akukho lutho olukwahlulwayo”

Ngesikhathi ngiqhubeka ngifunda izibhalo kusikhathi sinye ngiqhubeka ngilalela uNkulunkulu ekhuluma ,kusikhathi sinye ngibona ukuthi ukumqonda kwami kuncane kangakanani .Futhi ngesikhathi ngiqhubeka ngisondela kusikhathi sinye ngithola okuningi okusha .Okuningi ngoNkulunkulu okuningi ngaYe .Kuwe kuba njani ? 

Uyabona esikhathini lakhona uzitshela ukuthi uNkulunkulu usumtholile usesikalini sebhokisi elincane ,yilapho ovese ubone khona awukamazi .

Emikhulekweni yami  kulezinsuku ezedlule ,ngizithole ngiholwa uMoya ohlangothini thizeni ,engxenyeni yeziBhalo engangingahlelile ukuya kuyona …ngazithola ngizithi  gquuh kuzona! Waqala wasebenza into kimi ebengingacabangi nokuthi ibidinga ukusetshenzwa .

Waqala wambula izinto eZwini laKhe ebengingazange  ebengingeke ngazibona phambilini kodwa ngangaziqonda .

Futhi yimi kanye lowo ebudaleni bami ,ngingomunye wabantu abangu 8 Billion  emhlabeni .Kungaba kanjani ukuthi loNkulunkulu kanye olengise izinkanyezi  emkhathini ,aphinde abe nguNkulunkulu owenza lokho ekwenzela mina ? Nginesiqiniseko ukuthi kwakuyilesosikhathi kanye sokumangala  kuJeremiya ngamhla esho lokhu : 

Jeremiya 32:17E Nkosi Jehova bheka wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yaKho eyaluliweyo ,akukho lutho olukwahlulwayo”

Kungani ngikucobelela lokhu namhlanje ? Yingoba kuyilesosikhathi kanye sokumangala nawe empilweni yakho .Kuyisikhathi sokumangala ngenkazimulo nobukhulu bamandla kaNkulunkulu ,futhi okuthi sikhathi sinye ugcwele umusa omkhulu wokubona ngisho intuthwane emhlabeni 

Inqobo uma nje sisemi kulomhlaba  nganeno kwephakade ,nakanjani kuyohlala njalo ukubona kwethu uNkulunkulu kukuncu ncu ncu! Ngesikhathi siqhubeka simuzwa esondela enyenyeza kithina uthando lwaKhe ezinhliziyweni zethu .Qede sithi  : 

E Nkosi Jehova! akukho lutho olukwahlulwayo

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..