Ngilandele
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
NgokukaMarkhu 2:13,14 Waphuma futhi, waya ngaselwandle; isixuku sonke sabantu seza kuye, wabafundisa. Wathi edlula, wambona uLevi ka-Alfewu ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele.” Wasuka-ke,wamlandela.
Ngicabanga ukuthi angingedwa lakhona ngibe nezikhathi ngizizwa kunganele ngingaphelele ,ngangokuthi ngangesaba ukulandela amaphupho ami .Kuwe kube njani ?
Izinselelo zibukeka zinkulu nkashana thina sizibona sibancu kuzo.Futhi ekwengezeni lokho ,kungena nokwazi ukuthi sishaye ipali kaningi phambilini ,ngakho kulula kanjani ukumukela lokhu kungazizwa kahle uphelele kukubambe ,kusikhinyabeza ukuhlabela phambili ?
Cabanga uma wengeze olunye ulwelwesi kulokho –ukwazi ukuthi abantu abaseduze nawe bakubukela phansi ! Kwakunjalo kumqoqintela [umthelisi] wezikhathi zamaJuda ,uLevi ngalezonsuku .
AmaJuda ayebazonda abaqoqintela ngoba babengamambuka ayehlangene nabacindezeli amaRoma kukhuthuzwa amaJuda ze angabi nalutho ngokomnotho .
Manje ake sikubheke lokhu ,nangu uJesu owayenedumela ezweni usefika kulendawo :
NgokukaMarkhu 2:13,14 Waphuma futhi, waya ngaselwandle; isixuku sonke sabantu seza kuye, wabafundisa.
Wathi edlula, wambona uLevi ka-Alfewu ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele.” Wasuka-ke,wamlandela.
Mumva le uma ufuna ukuba ngumlandeli kaRabbi kwakudinga ukuba wenze i-application uzichaze uziveze ukuthi ukufanelwe lokho ;kwakumele ube namagalelo akufanele .
Kodwa nakhu la sibona uJesu lo olandelwa zihlwele ,usejikela esixukwini uthi ku Levi ngilandele – umqoqintela wonke kubobonke abantu pho! “Ngilandele “
Uma shlobo sami emzweni wakho wokuzizwa ungongafanelwe ukusondela ekumlandeleni uJesu ,yazi lokhu : wezela abanjengawe .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.