... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngakho Ungubani?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 9:18-20 Kwathi ekhuleka ngasesitha, abafundi babe naye; wababuza ethi: “Abantu bathi ngingubani na?” Baphendula bathi: “UJohane uMbhapathizi; kepha abanye bathi: Ngu-Eliya; abanye kodwa bathi: Kuvukile umprofethi othile wabadala.” Wayesethi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?” UPetru waphendula wathi: “UnguKristu kaNkulunkulu.”

Listen to the radio broadcast of

Ngakho Ungubani?


Download audio file

Kubukeka sengathi ziningi izindlela kulezinsuku uma sekuziwa kwezikamoya .Futhi okuthi uma sizinza kokukodwa kwakho ,kugcina kusangathi sifuna ukukwenza kube yilokhu esifuna kube yikho ngokwethu .Kusisebenzele ngendlela yethu.

Yebo nebala  ababazi aba-designer izinkolo baningi kulezinsuku .Utshelwa ngalokhu nalokhuya .Eyy mina mfowethu nakhu engikukholelwayo!

Nebala akukho okusha kulokho .Ngamhla uJesu ethi qithi kuleli lakwamhlaba babefuna abantu ukumenza lokhu bona abafuna abe yikho .

 NgokukaLukha  9:18,19 Kwathi ekhuleka ngasesitha, abafundi babe naye; wababuza ethi: “Abantu bathi ngingubani na?”  Baphendula bathi: “UJohane uMbhapathizi; kepha abanye bathi: Ngu-Eliya; abanye kodwa bathi: Kuvukile umprofethi othile wabadala.” Wayesethi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?”  UPetru waphendula wathi: “UnguKristu kaNkulunkulu.”

Abantu babefuna angene athi khaxa kulokhu abafuna ukumbiza ngakho ,njengabantu ababe becindezelwe nguMbuso WamaRoma ,ababebheke izisombululo zezenkolo.Okungakho babedidekile  kakhulu.Kanti lomuntu ungubani ngempela ? Singamenza kanjani angene khaxa endleleni  yempilo ,thina esiqonda ngayo uNkulunkulu nezokomoya nezenkolo zethu?

Ngakube yiyona ndlela  leyo mina nawe ,esimfaka kuleyombotshana yeso uJesu  ngezimpilo zethu nathi ? Ngakube simpintshela endaweni angangeni sanhlobo kuyona?  Ngoba phela uma kungukuthi uyiNkosi phezu kwezimpilo zethu ,lokho ngeke kusize ngalutho.Yiqiniso lodwa kuphela eliyokwazi .

NgokukaLukha 9:20 Wayesethi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?”

UPetru waphendula wathi: “UnguKristu kaNkulunkulu.”

Indlela esicabanga ngayo uJesu yiyo –ekhulumayo.Indlela esimbeka ngayo ezimpilweni zethu ,enhliziyweni yethu ,ezingqondweni zethu ,yiyo ekhulumayo .Ngani ? Yingoba uNkulunkulu unguNkulunkulu ,uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu  hhayi lokhu thina esimenza  khona abe yikho.

UJesu makabe yiNkosi yamakhosi ,uMbusi wababusi phezu kwempilo yakho ,namhlanje .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge