... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Lakhona Ukuphepha Kukuncane

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 15:30-32 Futhi sizifakelani thina engozini imizuzu yonke na? Bazalwane, ngiyaqinisa ngokubongwa enginakho ngenxa yenu kuKristu Jesu iNkosi yethu, ngiyafa mihla yonke. Uma ngalwa nezilo e-Efesu ngokwabantu, nginanzuzoni? Uma abafileyo bengavuki, masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.

Ngaphandle kwemidlalo yokubhukuda ,ukuqwala izintaba ,amaphisi,ukuntweza ngamabhanoyi emidlalo  ,ezemidlalo ezilimazayo ,abantu abaningi  bayakwesaba ukuzizwa  besengozini . Esikulangazelelayo ngukuphepha ,yiwona muzwa wesikhathi samanje kakhulu wokuba ntofontofo .

Uzakwethu njengokuba esehlanganise iminyaka engu 65 uthi sekuyaqapheleka kuye amahuho ezikhangiso ezikhangisa ngokuthi ungasisebenzisa kanjani ntofontofo isikhathi sokumpesha kwakho  – ukuthi uzodinga malini namaxhama okuxhumana ozowadinga  nokunye nokunye .

Ngale kokuthi ulokhu uthola lamahuho kodwa kukhona akumele .Amele lomuzwa wokuzizwa uphethwe kahle kakhulu usesidlekeni njengephuphu lenyoni  uhleli kamnandi ,kodwa okuthi masuqaphela lomqondo wokucabanga ovelele ezweni akuwona ncimishi lo uNkulunkulu anawo ngathi kulomhlaba  .Kubhala uPhawuli umphostoli athi  …

1 KwabaseKhorinte  15:30-32 Futhi sizifakelani thina engozini imizuzu yonke na? Bazalwane, ngiyaqinisa ngokubongwa enginakho ngenxa yenu kuKristu Jesu iNkosi yethu, ngiyafa mihla yonke. Uma ngalwa nezilo e-Efesu ngokwabantu, nginanzuzoni? Uma abafileyo bengavuki, masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.

Yebo ,mhlawumbe mina nawe asibizelwe ukufika kulelozinga eledlulele likaPhawuli  kodwa sikhathi sinye ,umbhali u-John A Shedd ukubeka kanje : “Umkhumbi osechwebeni uphephile,kodwa akuyona indawo leyo imikhumbo eyayakhelwe yona”

Ungabi ntofontofo kweqe . Hleze uNkulunkulu unolunye uhlelo ngawe

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.