... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kuvume Ukungabaza Kwakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokuMarkhu 9:19,22-24 Waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.”…… Uyiphonsile kaningi emlilweni nasemanzini ukuba ayibhubhise; kodwa uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize.” UJesu wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.” Uyise womntwana wayesememeza masinyane, wathi: “Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami.”

Listen to the radio broadcast of

Kuvume Ukungabaza Kwakho


Download audio file

UJesu ugcizelela kakhulu ubumqoko bokholo – kumbe sikhulume ngqo sithi  ukholo lwethu kuYe ,ithemba lethu kuYe ,ngokukhethekile ezikhathini lakhona kunzima kithi ukukwenza lokho . 

Kuyinkinga impela lokho angithi ? Ufuna ukukholwa ukuthi uJesu aziveze  ngezikhathi omdinga ngazo ,kodwa kukulezokhathi kanye izinto zibukeka zingenakwenzeka  lakhona ukholo lwakho olukukhohlisayo .

Ungakhathazeki awuwedwa kulokho .Indoda endodana yayo  yayikhwelwe yi demoni ,ingakwazi ukukhuluma ,ihlale ihlushwa ngukubanjwa yisifo sokuwa ,yamletha kubafundi bakaJesu .

Kodwa behluleka ukukhipha idemoni kuyo .Okwathi uma uJesu efika akazange akujabulele ukubona lokho kwehluleka kwabo  : 

NgokuMarkhu  9:19Waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.”……

Yini le eyayenza engajabuli ? Ukungabi nalukholo .Manje ake nawe uzifake ezicathulwini zalobaba .Uba nokuzethemba okunjani kolwakho ukholo manje ,emva kokuzwa lokho kuthethiswa kwabafundi? Ngakho lendoda yathi kuJesu :

NgokuMarkhu 9:22-24 

Uyiphonsile kaningi emlilweni nasemanzini ukuba ayibhubhise; kodwa uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize.” UJesu

wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.” Uyise womntwana wayesememeza masinyane, wathi: “Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami.”

Kwakunegebe elikhulu phakathi kokwazi ukuthi yikuphi uJesu ayengakwenza , nalokho lendoda eyayikholwa yona ukuthi yikuphi angakwenza .Lobaba wayeklebhukile ngaphakathi – wayefuna ukukholwa ,kodwa kwakunento ngaphakathi kuye eyayimenza angabaze .Okwathi ngenxa yokuxinwa yisidingo kakhulu ,wezwakala eqhuma ngokumemeza  : “Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami.”. Ngokokubukeka kwezinto ekuqhubekeni kwakhombisa ukuthi ,lokho nje kwabe kwenele ,uJesu wayizwa lendoda qede wakhipha idemoni endodaneni yayo  ,yahamba ingokhululekile .

Ukholo lwethu akuchazi ukuthi sekomele lube – perfect. Okwakho nje luvume ungabazane lwakho kuJesu .Lokho kwenele kuYe .

Futhi yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..