Kufa Kuphi Ukunqoba Kwakho
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
1 KwabaseKhorinte 15:54-58 Kepha nxa lokhu okubolayo sekwembethe ukungaboli, nalokhu okufayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo lokuthi: “Ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba.” “Kufa, kuphi ukunqoba kwakho na? Kufa, luphi udosi lwakho na?” Udosi lokufa yisono; amandla esono ngumthetho. Kepha makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu. Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.
Lomhlaba ugcwele amahlaba nezinhlungu kwezobudlelwane bethu nasenhliziyweni yethu futhi yeyi angisho ukuthi ngisho nakulemizimba yethu emidala njengokuba isisondela kwagoqanyawo .Ngamafuphi ngiqonde ukuthi izinto ziyasilimaza enhliziyweni ngisho nasemizimbeni imbala .
Nginesiqiniseko ubile ezimwni ezinzima empilweni (mhlampe okungenzeka kwamanje ubhekene nazo njengoba ngikhuluma nje ) lakhona kuzwakala sengathi yonke into ibheke enzansi . Manje imvamisa ,kuba yisikhathi esingeside kakhulu ,kodwa ivese inqola iwulahle umthwalo la kithi . Kodwa ngesikhathi uqhubeka ukhula hleze okunye kuzole .Kungenjalo nanti negodi liyasondela eseliyisiphetho sendaba .
Mhlawumbe kunjalo kuwe ,ngaphandle uma ukholwa nguJesu .
1 KwabaseKhorinte 15:54-58Kepha nxa lokhu okubolayo sekwembethe ukungaboli, nalokhu okufayo sekwembethe ukungafi,
kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo lokuthi: “Ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba.”
“Kufa, kuphi ukunqoba kwakho na? Kufa, luphi udosi lwakho na?”
Udosi lokufa yisono; amandla esono ngumthetho.
Kepha makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu.
Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.
Ngakho uma kwenzeka uba kulesosikhathi sokuthi izinto zibheke phansi ,yazi lokhu : Uma ubeka ithemba lakho kuJesu ,ukunqoba ukufa kukulindele .Ngakho sihlobo sami ,yima uqinile ebese konke lokhu okwenzayo ukwenzele iNkosi . Soze kwaba yizithukuthuku zencanga ,awulahli ngokwenzenjalo . Yeka ithemba elingangabazeki esinalo kuJesu .Yingakho ngikuncenga namhlanje ubeke ithemba lakho kuJesu .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.