... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kokobili Umusa Neqiniso

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 1:14,16,17 ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso. ….. Ngokuba ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa. Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.

Listen to the radio broadcast of

Kokobili Umusa Neqiniso


Download audio file

Ngiye ngizwe isililo nobuhlungu ngepolitiki yokuzibona ungcono kubantwana bakaNkulunkulu .Hhayi ngoba mina ngingenawo umbono wami wepolitiki yezenkolo ,yingoba kuyezwela kimi uma kungukuthi lokhu kwehluka kwemibono kwamaKhrestu yiyona ncazo yokuqala le azichaza ngayo ,esikhundleni sobudlelwane bawo noJesu . 

Lokhu ukubona zikhathi zonke ,awukuboni? Abangapha belwa nabangale .Abavumelana nomgomo wesifo nabangavumelani nayo,abalwela ilungelo lokuphila nabathi umuntu angazihushulela ngokuthanda .Futhi nebala lokho kuyinto  ongayilindela lakhona isono siphethe ngamandla .Kodwa qha lokhu awukulindeli kubantu bakaNkulunkulu ,la khona okufanele  njengokusho kukaJesu sigqame ngokokuthi sithandana kangakanani .

Nokho othola ukuthi kwingxenye enye kunabaphahlaza bashaye kwasani abangenamusa noma bakushiye unjani  ,ngoba kubo okusemqoka bakuphahlaza ngeqiniso .

Ebese kuthi kulolu olunye uhlangothi kuzaleke umusa ongenaqiniso  ,kube ngukuthi ‘kuzwakala kumnandi ukuyenza lento’ ,lomuzwa ogcina uholele abantu kwingunaphakade elingenaKhrestu  .

Yeka incithakalo nemfuthumfuthu iBandla likaNkulunkulu eliphila kuyo ,okubukeka engekho onamandla  okuliphulukisa kuyo  .Ngena Jesu   :

NgokukaJohane  1:14,16,17  ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe,

inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso. …..  Ngokuba ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa. Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.

Uyibambile leyo ? UJesu ugcwele umusa neqiniso. Futhi yilokho kanye mina nawe esibizelwe kukhona hhayi ukunqakisana ngepolitiki yezenkolo yokubuka ngokuhlukana entweni emelwe ukuba yodwa ingabi nazinhlangothi .Ngakube kulula ukugcwala umusa nokuba neqiniso sikhathi sinye ? Lutho sanhlobo !! Yingakho sonke ngabanye siyamdinga uJesu ukuze sigcwale umusa neqiniso .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..