... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isilinganiso Sakho Sempumelelo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseKhorinte 10:12,18 Ngokuba asinasibindi sokuzilinganisa nokuzifanisa nabathile babo abazincomayo. Kodwa bona, nxa bezilinganisa ngezingqobo zabo, bezifanisa nezingqobo zabo, kaba namqondo.… Ngokuba akusiye ozincomayo ovunywa abongwe, kepha yilowo iNkosi emncomayo.

Listen to the radio broadcast of

Isilinganiso Sakho Sempumelelo


Download audio file

Lowomqondo wokuzibona usemqoka ,okuyinto abantu abaningi abanayo ,mubi  angithi ? Benza sengathi bona bahlale njalo beright 100% ,bese abanye bona kumele balandele bona zikhathi zonke.Lokho kugcina kusibeka emzweni wokuthi sengathi kukhona okushodayo kithina .Sengike ngaba kulesosimo mina ,ngawuzwa lowomuzwa !

Ngimelwe ukukutshela ukuthi angisona isithithithi  kodwa eminyakeni eminingi edlule ,lokhukuzikhukhumeza kwabanye bezenza  mqoka kunabanye kwangenza ngazibuza ubunani bami ngokunongabazane .Mhlampe akusenzeki kakhulu kulezinsuku kodwa khona kusenzeka .Ngenhlanhla njengokuba ngikhula sengifunde ukuthi imibono yabanye abantu akuyona okumele ngikale ngayo isilinganiso sempumelelo yami.Kuyisifundo esinzima ukusifunda leso ,kodwa esisemqoka .Nansi indlela umphostoli uPhawuli abeka ngayo:

2 KwabaseKhorinte 10:12 Ngokuba asinasibindi sokuzilinganisa nokuzifanisa nabathile babo abazincomayo. Kodwa bona, nxa bezilinganisa ngezingqobo zabo, bezifanisa nezingqobo zabo, kaba namqondo.… Ngokuba akusiye ozincomayo ovunywa abongwe, kepha yilowo iNkosi emncomayo.

Ukuzikala wena ngokucabanga kwakho,ngamazinga akho ,kuyimfeketho .Okuthi uma kuqhubeka kugqama ukuzigabisa kohlobo lwalababantu  abangosiyazi futhi bephoqa ngenkani ukusifaka ukuzazi kwabo ,kusikhathi sinye lakhona kuya ngokuya kuvela ukuthi abazi dololo,impempe nje kuphela .

Iqiniso ngukuthi ukuziqhathanisa nabo  kuzokunika isikalo  sempumelelo okungesiso.Manje pho yisiphi isikali esiyiso kanti?

2 KwabaseKhorinte 10:18  Ngokuba akusiye ozibongayo ovunywe abongwe ,kepha yilowo iNkosi emcomayo.

Isikali esihle sokuzikala “impumelelo” [noma ngabe leligama ulitolika kanjani] akusikho lokho abakukhulumayo,yilokhu uNkulunkulu akukhulumayo .UNkulunkulu usibizele ekubeni nezibele ,sithobe ,sithethelele,siphendulele esinye isihlathi ,ukuhamba elinye ibanga elide,….

Into esemqoka ngukuthi iNkosi ithi kuwe wenze kahle . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..