... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Iqiniso Ngaphandle Komusa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseGalathiya 6:1 Brothers and sisters, someone in your group might do something wrong. You who are following the Spirit should go to the one who is sinning. Help make that person right again, and do it in a gentle way. But be careful, because you might be tempted to sin too.

Listen to the radio broadcast of

Iqiniso Ngaphandle Komusa


Download audio file

Kulezinsuku ezimbalwa besilokhu sikhuluma ngeqiniso .IQiniso likaNkulunkulu. Kodwa ngisho nelaKhe iqiniso liyahlehlelwa nangabantu baKhe ,wena ongafunga ukuthi lizobalethela incithakalo esikhundleni sokulapha umphefumulo wabo . 

Iqiniso ngaphandle komusa liyinto eyingozi.Kodwa ngeshwa yinto le evamisa ukubonakala naku “MaKhrestu” emoyeni wawo wokwahlulela .Enye yamadoda engiyihloniphayo u-Carey Nieuwof uyibeka kanje:

UJesu wathi kumele aMaKhrestu aziwe ngokuthi sigcwele uthando olujulile kangakanani .Nokho ama-studies akhomba ukuthi uma sisemehlweni abangesiwo amaKhrestu sahlulela ngokujulile kangakanani .Inkinga ezimweni eziningi akusikhona ukuthi abantu abangakhonzi  akukho MaKhrestu abawaziyo .Inkinga ngukuthi bayawazi ,futhi abasithandi – ngezizathu ezinhle . 

Uma lokho kungasenzi sihlale phansi sikuqaphele ,angazi ukuthi yini le eyosenza sikuqaphele.Uqhubeka uCarey asho lokhu : Uma ugudluza umusa eqinisweni ,usala ungenalo iqiniso sanhlobo kunalokho usala unomfuziselo mbumbulu ophashile ogqwalile .

Kulula kangakanani ,akukholakali kangakanani ukuthi kungalula sibuke abantu emakhanda qede sibahlulele .

KwabaseGalathiya 6:1  Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe.

Uma ubona umuntu enza into oyaziyo kahle ukuthi iwrong ,yisiphi isinyathelo sokuqala oba naso ? Ngukubahlulela kumbe ukubasiza  ngomoya ogcwele ubumnene ? Ungasho ?!

Angikuphinde lokhu futhi : Uma ugudluza umusa eqinisweni ,usala ungenalo iqiniso sanhlobo kunalokho usala unomfuziselo mbumbulu ophashile ogqwalile .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..