... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Inhlanhla Yokungokwethu Okufakwe Kithi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 5:10 Ngokuba uma sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe sise yizitha, ikakhulu siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana.

Listen to the radio broadcast of

Inhlanhla Yokungokwethu Okufakwe Kithi


Download audio file

Cishe ukuqaphelile ukuthi kulelisonto besibheke kakhulu lendaba yobumnyama obusho ukugwinya umhlaba ,ubumnyama obusho ukugubuzela umhlaba wethu futhi khona manjalo obesabisa izimpilo zethu. 

Ngesikhathi nje ngilungisela lomyalezo wanamhlanje ,kwakuyisekuseni kakhulu ,njengokuba imvamisa ngiye ngenze njalo ,ekuphumeni kwelanga  .Isekuseni ngalinye ngiye ngibuka emva kwamahlombe ami qede ngibone ubuhle belanga liphuma . 

Emva kobusuku obumnyama obude ,liveze liphume ilanga njalo ekuseni futhi lihlala lilihle ukulibuka .Okuye kungiholele kwinhlanhla  esinayo  ,mina nawe phezu kwamandla  emimoya  obumnyama obesabisa busho ukuqhobozela izimpilo zethu .

KwabaseRoma  5:10  Ngokuba uma sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe sise yizitha, ikakhulu siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana.

Yiyiphi inhlanhla yokungokwethu esinayo  ? UJesu wafa ngenxa yezono zethu ,okuchaza ukuthi uma sibeka ithemba lethu kuYe ,siyathethelelwa ,ngakho siphenduka abahlobo bakaNkulunkulu .Kodwa uJesu akafanga nje kuphela .Waphinda wavuka futhi …. … Ngokuba uma sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe sise yizitha, ikakhulu siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana..

Uma ukholwa nguJesu ,ukholwa  nguMsindisi ovukile .Wanqoba ububi kulesosiphambano ,wanqoba ukufa ngengcwaba  avuka kulo lasala ligungquza lodwa futhi ukunqoba manje sekungokwakho nami ,ngisho kungathiwa umhlaba mnyama kanganani ,ngisho kungathiwa amandla obubi mangakanani .UJesu uqobo lwaKhe uyakusindisa ngempilo yaKhe .Kutshele amandla omkhathi lokho .Ngoba uma lokho kungesiyo inhlanhla esabelwe yona ,angazi ngingakubiza ngaliphi igama !  

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..