... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Funa Okuhle ,Uthole Ukwemukeleka

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 11:27 Ofuna okuhle ufuna okwamukelekayo ,kepha ofuna okubi kuyakumehlela .

Listen to the radio broadcast of

Funa Okuhle ,Uthole Ukwemukeleka


Download audio file

Kulezinsuku ezimbalwa besilokhu sibuka iZwi likaNkulunkulu ngokokuthi  lifuna sibhekane kanjani nezinga elenyukile lobubi kulomhlaba .Impendulo ? Ngukulwa nobubi ngobuhle . 

Kuzwakala kulula nje lokho ,akunjalo? Ungalwi nobubi ngobubi ,yilwa nobubi  ngobuhle.Kunjalo nje ,yikho kanye lokho ,akusekho esingaphinda sikusho ngalesihloko .Kuze kube uyazama ukukuphila lokho.Akumele kube ngukuthi ubususho ukumklinya ufele kuye lowomuntu osho ongavumelani nakho  kumbe mhlawumbe ,uhuquzele uthi nyelele kuze kube sesidlule lesosiphepho ebesikwenyusela ushukela .Kodwa angikutshele ukuthi akukho nokukodwa okwalokho okusebenzayo .Akusikho nokukodwa okwalokho uNkulunkulu asibizele kukhona.Manje pho sithandaze sithini ,usibizele kukuphi ? 

Izaga  11:27 Ofuna okuhle ufuna okwamukelekayo ,kepha ofuna okubi kuyakumehlela .

Yiya ,yeka ubukhali balomqondo ; ukufuna  okuhle ngenkuthalo .

Ukumisa inhliziyo yakho esikhaleni sokuba ngakho konke okwayo ifune  okuhle ,ngazindlela zonke ,ukucabanga okuhle ,ukusho okuhle nokwenza okuhle .Yebo nebala yazi ukuthi ,ububi buzoqhubeka budlanga kulomhlaba  bumelana nawe uma ukhuthala  ukufuna ukwenza okuhle .Ububi soze bakuthokozela lokho nebala .

Kodwa uyazi kunesisho sesingisi esithi u-cream  uhlala njalo ukhephuzela phezu kwekhekhe .Okuchaza ukuthi masisha abantu bazobona kungekudala .Kungekudala uzokwakheka ube neqholo lokubizwa ngokuthi ungumuntu oqotho ,omuhle,ohlelekile ,othembekile ,nonothando.Ukwamukeleka nokuthandwa ngabantu ,futhi ikakhulukazi ukwamukeleka kuNkulunkulu .

Yini ingempela okunye obekungaba ngokwehlukile kulokho ? Ukulandela izinkanuko zenyama ulwe nobubi ngobubi ? Ngakube lokho kukusebenzele kahle kanjani phambilini ? 

Ofuna okuhle ufuna okwamukelekayo ,kepha ofuna okubi kuyakumehlela .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..