... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ekhathele Omile

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 4:6-8 Wawukhona lapho umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wayesehlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha. Owesifazane waseSamariya weza ezokukha amanzi. UJesu wathi kuye: “Ngiphuzise.” Ngokuba abafundi bakhe babehambile baya emzini beyothenga ukudla.

Nakhu usohambweni .Womile ,ukhathele ,into eyodwa oyifunayo ngukuphumula kuphela .Kuthi kusenjalo avese uNkulunkulu alethe enye yama divine appointment akhe –uhlelo olungelona olwabantu kodwa oluhlelwe yiZulu.Kuyinselelo! Angithi? Kwazise phela ubukhathele uyimvithi ,ukudinga ngalendlela ukuphumula .

Ngikhumbula lusuku lumbe ngiseRwanda ngo 2016 .Ngangisanda nje kuphothula ukwehla ngenyuka ngifundisa iZwi kwezokusakaza zakhona , izinsuku ezimbili ezigcwele kungekho khefu .Ngangiphele nya ukukhathala,ngingafuni lutho,into engangiyifuna kwabe kunguhuqazela ngishoshele endlini yokulala qede ngizilahle amakhahlambane embhedeni .Kodwa kwake kwenzeka yini lokho ,lutho ,ngavese ngathola ukuthi umfowethu uJoseph ,ongu Director waleministry la eAfrica wabe ehlele isidlo esimnandi ekhaya labazali benye intokazi esencane uBrenda ,owabe ehlangene nayo kwenye iconference nyakenye kwelase Indonesia . 

Ngakube lokho kuzwakala kucoba inhliziyo ? Nakanjani kunjalo.Futhi ngangizwa ngiyazidonsa ngingumndondo nje ngesikhathi sidabula izintaba zakhona sinyuka nge 4 X 4 selithambeme ngalelolanga ,sibheke kulelikhaya labazalwane eKigali .Kodwa okumangazayo kwaba yisikhathi esiyisibusiso esikhethekile  ngisekhaya lalabazalwane  esingachazeki . 

Ukunqamulela indaba yami ,ngezinhlelo zaphezulu lentokazi encane uBrenda ,isiseqhulwini kwiminsitry yethu lapha kwelaseAfrika .UNkulunkulu wenza izinto ezimangalisayo ngayo futhi usazoqhubeka ezenza .Kuphetha kubukeka sengathi lezinhlelo zeZulu zokuhlangana nomuntu ungahlelile ziza ngendlela esuke icobana amathambo ungenasasa lokuhlangana nalowomuntu  futhi ungaboni bumqoka . 

NgokukaJohane  4:6-8Wawukhona lapho umthombo kaJakobe. 

Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wayesehlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha. Owesifazane waseSamariya weza ezokukha amanzi.

UJesu wathi kuye: “Ngiphuzise.”  Ngokuba abafundi bakhe babehambile baya emzini beyothenga ukudla.

UJesu wayekhathele , wayomile ,futhi wayelambile.Kodwa uYise oseZulwini wayenohlelo ngaYe olukhethekile olwalumlindile.

#Hlala ukwazi lokhu : amadivine appointment awahlali enesasasa ukuba kuwona !

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..