Ungabi NguMlingi
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
NgokukaLukha 17:1-3a Wayesethi kubafundi bakhe: “Kungeze kwenzeka ukuba kungaveli izikhubekiso; kodwa maye kulowo ezivela ngaye! Kungcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, alahlwe elwandle, kunokuba akhubekise abe munye kulaba abancinyane. Xwayani nina.
Kunamanga usathane athanda ukuwafafaza ukuthi izono ezincane azisho luthi .Athi qhubeka uzenze akekho ozozibona ! Phela yisono esincane nje lesi .Athi phela yisono ngegama asikho nesidingo sokuthi lento ibizwe ngesono .
Amanga lawa azowanyenyeza ezindlebeni zawo wonke umuntu okholwa nguJesu .Kungamanga ahloliwe ngiyakutshela wena ,ngoba kwenza ukuthi ugcine usenzile lesisenzo athi yinto encane engasho lutho leyo .Athi akekho ozoyibona lento akekho futhi ozolimala ngayo .
Kodwa isono sihlale siqapheleka futhi siba nemiphumela yaso zikhathi zonke . lesosono sakho esincane singaqala amagagasi amancane azovumela amanye kumbe abanye ukuthi nabo bakulandele benze okufanayo .
Uma uhlala ukhalaza ngezimo enibhekene nazo emndenini wakho ,utshala imbewu yokukhalaza nakuwo .Uma unamazwi ahlabayo komunye umuntu ,kunamathuba amaningi ukuthi omunye ongumzalwane osemusha eNkosini naye lomkhuba wakho awuthathe awenze .Futhi yinto le uJesu ayibuka ngoku serious kakhulu.
NgokukaLukha 17:1-3a Wayesethi kubafundi bakhe: “Kungeze kwenzeka ukuba kungaveli izikhubekiso; kodwa maye kulowo
ezivela ngaye! Kungcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, alahlwe elwandle,
kunokuba akhubekise abe munye kulaba abancinyane. Xwayani nina.
Uma senza omunye umuntu one ,siphenduka amathuluzi kasathane ,umlingi uqobo ,senza abanye abantu bone .Yingakho uJesu lokhu ekuthatha ngoku serious kakhulu .
Shlobo sami ungabi yilomuntu izilingo eziza ngaye ! Ungalokothi nangengozi ube ngonjalo
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.