Ukuneliseka Komphefumulo Wakho
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
Amahubo 63:5-8 Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha; umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo, 6 Nxa ngikukhumbula ecansini lami, ngizindla ngawe emilindweni yasebusuku. 7 Ngokuba ungisizile; ngiyakwethaba ethunzini lamaphiko akho. 8 Umphefumulo wami ubambelele kuwe; esokunene sakho siyangiphasa.
Ukwaneliseka ,ukupheleliseka ,ukugcwaliseka . Lawomagama omathathu akhuluma ngomuzwa wolangazelelo lokupheleliseka empilweni sonke esikulangazelelayo … nokho okuyimpilo abaningi abangayitholi abangafiki kuyo .
Ake sithathe lelithuba sigubhe sibuke isikhathi eside sokuphila sika Berni Dymet ,ngoba namhlanje wenza u 65 weminyaka ephila emhlabeni ,wazalwa mhlaka 15th of March 1959, ingu 65 nebala iminyaka edla anhlamvana ! Lokho okumenza abe mdala kunabantu abangu 90% abaphilayo emhlabeni namhlanje .
Uma kuwukuthi nawe ukuleyominyaka siyakubongela kumbe umzali noma umzali womzali wakho siyambongela ,lokho okuchaza ukuthi usebone okuningi empilweni kulomhlaba .
Phansi kwezimvu zakhe kuchaza ukuthi leyongqondo ekulelokhanda isicabange okuningi ,amehlo akhe asebone okuningi ,inhliziyo yakhe isijabule kaningi yadumala kaningi .
Phezu kwakho konke lokho kuphila iminyaka eminingi kangako emhlabeni ,wabona ingcebo ,impumelelo ,ama career akhona amahle ,konke okukhona akusondeli nokusondela ekuletheni ukwanelsiseka ,ukugcwaliseka ukuphelilesika enhliziyweni .Uyedwa kuphela ongakwenza lokho :
Amahubo 63:5-8 Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha; umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo, Nxa ngikukhumbula ecansini lami, ngizindla ngawe emilindweni yasebusuku. Ngokuba ungisizile; ngiyakwethaba ethunzini lamaphiko akho. Umphefumulo wami ubambelele kuwe; esokunene sakho siyangiphasa.
Lelihubo labhalwa yinkosi uDavide ehlane lase Judiya .Indawo emahhadlahhadla .Indawo engenabunkulunkulu. Nokho kukuleyondawo kanye la ayenelisekile esuthi ngamanoni .
Ukuneliseka ,ukugcwaliseka ,ukuphelileseka .Kusendaweni eyodwa phaqa .KukuNkulunkulu uqobo lwakhe .
Umphefumulo wami ubambelele kuwe; esokunene sakho siyangiphasa.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.