Ukukhanya Okukhanya Enhliziyweni Yakho
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
Amahubo 119:30 Ngikhethile indlela yeqiniso; izahlulelo zakho ngizibekile phambi kwami
Uyazi makusuke kunento esikukhathaze iminyaka .Uthole ukuthi awucacelwe kodwa khona uyezwa kunento ekukhathazile .
Bese kuthi esikhaleni ungalindele kuvele qhah kube sengathi kukhanya ugesi konke kuvese kuhlangane kalula .
Ngake ngacelwa ngomunye umshumayeli osemusha ukumnika i-feedback.Ngakho sabuka ivideo yentshumayelo ayeyisanda kuyishumayela ,siyidlale sibuye sime ,sikhulume ngalokhu nalokhu ,ngimbuza imibuzo,naye ejula ukucinga izimpendulo .
Okwaba ngokuphawulekayo kwaba lapho esethi “uyazi ungathi ngashumayela izintshumayelo ezimbili ,nakuba ngazama ukuzihlanganisa emyalezweni owodwa” .Yebo nebala yilokho kanye engangithemba ukuthi uzokubona .Kwakungathi sekukhanya ukukukhanya kuye .
Kodwa kwakungeke kwenzeke uma engasithathanga isinyathelo sokubuza ,uma ngabe kuwukuthi inhliziyo yakhe yayingakulindele ukuthola ukugxekwa okwakhayo [njalo akulula lokho ungakuthathi kancane] uma engazange akhuthale ukukwazi ukuqonda .Kuba njalo ngezwi likaNkulunkulu futhi :
Amahubo 119:30 Ngikhethile indlela yeqiniso; izahlulelo zakho ngizibekile phambi kwami
Mina nawe sidinga ukuzipha isikhathi ukulifunda ,ukuliqonda ,ukulifunda siliphindelela, okuthi uma sikwenza lokho kuletha ukukhanya ezimpilweni zethu .
Ngakube uzokhetha ukuba ngohlakaniphile kumbe umuntu nje ojwayelekile ? Uyafuna ukufunda ,ukukhula ,ukuba yilokho uNkulunkulu akwenza ukuba ube yikho? Ngakho vula iZwi likaNkulunkulu bese uyalifunda ,limukele ,zindla ngalo bese uyaphendula kwelikushoyo .Liyoletha ukukhanya empilweni yakho ,likuhlakaniphise .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.