Bheka Phezulu Ubone
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
KwabaseFiliphu 3:20 Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu
Ngakho awungixoxele yiziphi izinto okuthokozelayo ukuzenza ? Ochitha ngakho isizungu mawungenzi lutho kodwa okuyizinto ezikujabulisayo ukuzenza ? Kuyakitazana ukucabanga ngazo .Uke ucabange ukuthi zigcina kwesinye isikhathi sezikuliphi izinga ezigcina seziyiziphazamiso?
Kwehlisa isasasa ukuthi usakitizwa ngukucabanga ngezinto ozijabulelayo nakhu njalo sekuvela olunye uhlangothi obungaluqaphile ngazo .Bengikwenza ngenhloso ukukuxukuza ugebhezi ngalezizinto ozithandayo ,lemibuzo yenza ukuba usuke kuzo ube sekucabangeni ngento esemqoka kakhulu ,lento eyodwa phaqa empilweni yakho ,okuyothi ngamhla udlula kulomhlaba yiyo kuphela eyoma .
Mhlawumbe uyazibuza uthi awu kanti ngiyaqala yini ukuzwa ngalokho .Yebo awuqali .Kodwa kunokuningi kukho .Kuneqiniso elimile lokuthi izinto ezingabonwa yizo ezinkulu kakhulu kunezinto ezibonwayo …
KwabaseFiliphu 3:20 Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu
Shlobo sami uma ukholwa nguJesu Khrestu nembala uyisihambi kulomhlaba .Ikhaya lakho lempela likuye njengokuba nelami likuye ,futhi nebala sinelungelo eligcwele lokulindela ngolangazelelo usuku okungaba ngolokubuya kwakhe kumbe kube ngolokuhamba kwethu siye ekhaya kuYe.
Kulula kanjani ukubanjwa yizinto zakulomhlaba ,zonke izintokozo zakhona nezingcindezi zalokhukuphila ,bese sigejwa yinto eyodwa esemqoka kunazo zonke ezinye izinto .Bheka phezulu ubone!
Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.